Connect with us

Soccer

Imidlalo yebhola ongayiqapha e-Europe kule mpelasonto namathiphu

Aqukethe imidlalo emningi eshubile amaligi ase-Europe kule mpelasonto njengoba kuzobhekana amaqembu afuna iligi namanye azama ukubalekela izembe. Kulo mbiko sikuthatha sikubeke ngemidlalo ongayiqapha kule mpelasonto. 

Icon sipausa 27688471

Image copyright – Steve Haag Sports

Aqukethe imidlalo emningi eshubile amaligi ase-Europe kule mpelasonto njengoba kuzobhekana amaqembu afuna iligi namanye azama ukubalekela izembe. Kulo mbiko sikuthatha sikubeke ngemidlalo ongayiqapha kule mpelasonto. 

Two women looking excitedly at cellphone

NgoLwesihlanu

5/10 Dortmund | Draw 36/10  | SC Freiberg 44/10 (21:30)

Imidlalo yeBundesliga yangempelasonto izovulwa wumdlalo omnandi phakathi kweDortmund neFreiberg, okuyiqembu esilithandwa abaningi e-Europe ngenxa yendlela elidlala ngayo kule sizini. NgoDisemba iFreiberg izifake emlandweni ishaya amagoli amahlanu kwimizuzu ewu-25 esiwombeni sokuqala emdlalweni owagcina uphele ngo 6 – 0 ibhekene neBorussia Mönchengladbach. IDortmund ngakolunye uhlangothi ilona qembu elibukeka lizimisele ukulwa neBayern embangweni wesicoco njengoba isele ngamaphuzu ayisithupha kubaholi beligi. Ngoba isekhaya, ngiyibona iwunqoba lo mdlalo iDortmund.

8/10 Nice | Draw 26/10 | Nantes 33/10  (22:00) 

INice iza kulo mdlalo idinga ukunqoba ukuze inciphise igebe phakathi kwayo nabaholi beligi iPSG. Isele ngamaphuzu awu-11. INantes nayo izobe ibheke amaphuzu aphelele njengoba isembhidlangweni wokuzibekisela indawo kwi-Europa okungenani ngesizini ezayo. Emdlalweni emine edlule, inqobe emithathu ilandelana ngaphambi kokudlala  ngokulingana kowukugcina, kanti iNice nayo inqobe imidlalo emithathu ilandelana ngaphambi kwalo mdlalo. Wumdlalo ozoba namagoli, kodwa angiyiboni iNantes ishaya iNice ekhaya. 

NgoMgqibelo

7/10 Manchester City | Draw 29/10 | Chelsea  37/10 (14:30) 

Kuzobancane indawo e-Etihad Stadium uma sekuhlangene lawa maqembu alwela isicoco sePremier League. IManchester City, esesicongweni, ishiya iChelsea ngamaphuzu ayishumi ngemuva kwemidlalo ewu-21. Ngesikhathi lamaqembu egcina ukubhekana ngoSepthemba nyakenye umdlalo wanqotshwa yiCity ngo 1 – 0, kodwa ngesizini edlule iChelsea yakhombisa ukuthi iyakwazi ukudlala ngaphansi kwengcindezi iguqisa leli qembu kwiChampions League kowamanqamu. IChelsea izoya kulo mdlalo inomfutho wokufuna ukunciphisa igebe phakathi kwayo neCity, okungeke kube lula uma ubuka ukuthi iCity isinqobe imidlalo ewu-11 ilandelana kwiligi. Ngilindele ukuthi iCity inqobe, kodwa ngeke abe maningi amagoli. 

6/1 FC Köln | Draw 48/10 | Bayern 7/20

Ngesikhathi ebhekene lamaqembu ngo-Agasti nyakenye, iBayern yasinda ngegoli lika-Gnabry ngomzuzu ka-71 yanqoba umdlalo ngo 3 – 2  iKöln ibuya kade idliwa ngo 2 – 0. Nalo mdlalo kulindeleke ukuthi ushube njengoba iBayern inenqwaba yabadlali abangeke bekwazi ukudlala okubalwa kubo oLeon Goretzka, Lucas Hernandez, Dayot Upamecano, Leroy Sane noKingsley Coman. Noma kunjalo, iBayern inabadlali abanele ukufaka iqembu eliqinile futhi izobe iyifuna la i-win njengoba yadliwa emdlalweni wayo wokugcina. Kuzoba nzima kodwa ngiyibona iwunqoba lo mdlalo iBayern. 

2/1 Aston Villa | Draw 49/20 | Manchester United 5/4 (19.30)

Ama-Villans azofika kulo mdlalo efuna ukubuyisa izinduku kulandela ukushaywa yiManchester United ngo 1 – 0 kumdlalo weFA Cup ngoMsombuluko. I-Aston Villa iphume kulo mdlalo ikhala ngezinqumo zikanompempe neVAR, ngakho izofika inentshisekelo yokulifaka induku leli qembu elisafunda indlela entsha yokudlala ngaphansi kukaRalph Rangnick. Angase abuye kulo mdlalo uCristiano Ronaldo kulandela ukuphunyuzwa, okungayisiza i-United kodwa angiyiboni ibuya naphelele eVilla Park. I-Aston Villa izowunqoba lo mdlalo noma uzophela nge-draw. 

NgeSonto 

29/30 Tottenham | Draw 23/10 | Arsenal 37/20 (18:30)

Umdlalo walezi zinkunzi zaseLondon uhlale umnandi. Kulokhu uzoshuba kakhulu, omabili amaqembu ekhombisa ukuvuka emaqandeni ngemuva kwemiphumela engemihle ngasekuqaleni kwesizni. Uma iSpurs sinqoba lo mdlalo sizongena kwi-top 4 kwehle i-Arsenal ekunombolo 4. ISpurs sizofuna ukunqoba kwazise sinemidlalo emibili esandleni futhi i-Arsenal ishodelwa abadlali ababalulekile abakwi-AFCON oThomas Partey, Mohamed Elneny noNicolas Pepe. KwiSpurs uzobe engekho uSon. Ngibona umdlalo uphela nge-draw enamagoli. 

19/10 Atalanta | Draw 26/10 | Inter 5/4 (21:45)

Kuzosiphuka izidindi kulo mdlalo we-Atalanta ne-Inter njengoba omabili lawa maqembu ededela isibhaxu kwiSerie A muva nje. I-Atalanta isadliwe kanye emidlalweni emihlanu edlule, i-Inter ngakolunye uhlangothi isinqobe imidlalo ewu-9 ilandelana kwiligi. Omabili lawa maqembu awabandi phambi kwepali njengoba i-Inter isishaye amagoli awu-51 kule sizini kanti i-Atalanta isivalele awu-44. Ngilindele ukuthi iqhuzuke kulo mdlalo nokho i-Inter, kunqobe i-Atalanta. 

14/1 Belenenses | Draw 6/1 | FC Porto 2/11 (22.30)

Iqembu elisekhaya lisanqobe kabili kuphela emdlalweni ewu-16. IPorto kule sizini ayiyazi induku, isinqobe imidlalo ewu-15 yadlala ngokulingana kwemibili. Kubhekene iqembu elisesicongweni kwiligi neliyibambe emsileni. IPorto kumele iwunqobe kalula lo mdlalo. 

9/20 Anderlecht | Draw 36/10 | Standard Liege 52/10

I-Anderlecht inomgqigqo omuhle emdlalweni emihlanu edlule. Inqobe imidlalo emine yadlala ngokulingana kowodwa. Ibukeka iyiqembu elizimisele ngokuzama ukuvala igebe phakathi kwayo neqembu elisesicongweni njengoba isele ngamaphuzu awu-9. IStandard Liege ngakolunye uhlangothi ithwele kanzima kule sizini njengoba ihlezi ngasezembeni, futhi inqobe  imidlalo emibili kuphela kwemihlanu edlule. Ngilindele ukuthi iwunqobe ngamagoli amaningi lo mdlalo i-Anderlecht.

Register Now with Hollywoodbets Mobile

More in Soccer

Official Partners