Connect with us

Soccer

PREVIEW: Z’yakhala emidlalweni yebhola e-Europe kule mpelasonto

Ikhuza ibuya imdlalo yamaligi amakhulu ebhola ase-Europe kulandela ikhefu ngempelasonto edlule. Ngaphandle kwemidlalo yeFA Cup eNgilandi, kunemidlalo emnandi yeLa Liga, Serie A neBundesliga ongayiqapha kule mpelasonto. Asikuthathe sikubeke:

Image copyright - Steve Haag Sports

Ikhuza ibuya imdlalo yamaligi amakhulu ebhola ase-Europe kulandela ikhefu ngempelasonto edlule. Ngaphandle kwemidlalo yeFA Cup eNgilandi, kunemidlalo emnandi yeLa Liga, Serie A neBundesliga ongayiqapha kule mpelasonto. Asikuthathe sikubeke:

Two women looking excitedly at cellphone

NgoLwesihlanu, 4 February

5/4 Hertha Berlin | Draw 24/10 | Bochum 21/10 (21:30) – Bundesliga 

IHertha Berlin neBochum bazovula impelasonto yeBundesliga. Amaqembu amabili ane-fomu ebandayo. Emdlalweni emihlanu edlule omabili anqobe kanye. Omabili anenkinga yokuba buthuntu phambi kwepali kodwa iHertha ngaphezu kwalokho inenkinga enkulu yokuvuza emuva njengoba isingenelwe amagoli awu-42 emdlalweni ewu-20. 

Ngesikhathi egcina ukubhekana lawa maqembu nokho umdlalo wanqotshwa yiHertha ngo 3-1. Lindela umdlalo ovulekile nokuthi iqembu elisekhaya liwunqobe. 

7/20 Manchester United | Draw 4/1 | Middlesbrough 7/1 (22:00) – FA Cup 

Ama-Red Devils azoya kulo mdlalo egcwele ukuzethemba kulandela ukuginqa iWest Ham kumzuliswano wokugcina. Lo mdlalo uzoba yithuba lokukhombisa ukuthi i-United izimisele kangakanani ngokunqoba le ndebe njengoba sekudlule iminyaka yagcina ukunqoba umqhudelwano. Emdlalweni yeligi i-United iza kahle ngaphansi kukaRalf Rangnick kodwa kuzobakhathaza abalandeli bayo ukuthi ayithezanga ngoJanuwari ekubeni kade imataniswa nenqwaba yabadlali. NgoLwesihlanu ithola ithuba lokuveza ukuthi kungani ingasayinisanga muntu. IMiddlesbrough ngakolunye uhlangothi iya e-Old Traffford nomgqigqo omuhle nayo njengoba kwiChampionship inqobe imidlalo emine kwimihlanu edlule. Eminyakeni edlule amaqembu amancane avame ukufika engasabi lutho enkundleni yeManchester, lindela umdlalo omnandi ozoba namagoli.

NgoMgqibelo, 5 February

1/7 Manchester City | Draw 15/2 | Fulham 15/1 (17:00) – FA Cup 

Kutholana amaqembu aqhwakele kumaligi amabili amakhulu kunawo wonke amanye akhona eNgilandi. IManchester City isesicongweni sePremier League, iFulham isesicongweni seChampionship, okuyiligi ephakela iPremier League. IFulham ivakashela iqembu likaPep nje ayiyazi induku emdlalweni ewu-21 edlule. NeCity nayo sekuphele imidlalo ewu-14 ingayazi induke, selokhe yagcina ishaywe yiCrystal Palace ngo 2-0 ngo-October. Ngilindele ukuthi omabili amaqembu alibasele enethini kodwa angiboni iFulham iphunyuka ne-win. 

8/10 Inter | Draw 11/4 | AC Milan 31/10 (19:00) – Serie A 

Konakele, konakele, konakele kakhulu. Kuhlangana inkukhu nempaka e-Italy ngoMgqibelo. Abazala bazolala bengasakhulumisani ngemuva kwalo mdlalo womkhaya baseMilan. Omabili lawa maqembu azobe efune ukuphuma namaphuzu aphelele ukuqinisa indawo yawo phezulu embangweni weScudetto. I-Inter iqhwakele kwi-log yeSerie A ngamaphuzu awu-53 (iphethe nomdlalo esandleni). I-AC isezithendi zayo kunombolo 3, isele ngamaphuzu amane kuphela. Yi-Inter ezoza kulo mdlalo inefomu elihhle njengoba ingayazi induku emdlalweni ewu-13. I-AC isanda kutitinywa yiSpezia kungalindele muntu yaphinde yalahla amanye amaphuzu idlala ngokulingana neJuventus ngempelasonto edlule. Kuzoshuba kodwa ngilindele ukuthi i-Inter ibuye naphelele noma umdlalo uphele nge-draw. 

NgeSonto, 6 February

1/6 Liverpool | Draw 6/1 | Cardiff City 15/1 (13:00) – FA Cup 

Umdlalo okumele ube lula kwezikaJurgen Klopp. UKlopp ujkwayele ukulithambisa iqembu lakhe kwiFA Cup, noma kunjalo abadlali bayo abashikisha ibhentshi ngibona beyifaka induku iCardiff City elengela ngasemsileni kwiChampionship. UKlopp engasebenzisa lo mdlalo ukuvivinya nomdlali wakhe omusha wasophondweni uLuis Diaz othengwe kwiFC Porto. ICardiff City iza kulo mdlalo ayiyazi i-win emdlalweni emine edlule esekuhambeni. ILiverpool izowunqoba kalula lomdlalo. 

13/10 Barcelona | 47/20 | Atletico Madrid 2/1 (17:15) – La Liga 

Umdlalo omkhulu kunayo yonke kule mpelasonto. Kutholana phezulu amaqembu amabili azama ukuzibekisela indawo kwiChampions League ngesizini ezayo kulandela ukuqala ngebatha kwimidlalo yeligi kule sizini. Omabili asele ngesibalo esihle samaphuzu kwiReal Madrid ezofuna ukugcina indawo yayo kwazise isale ngamaphuzu amabili kuphela kwi-Athletico ngesizini edlule ngesikhathi idla isicoco. IBarcelona izosingatha i-Athletico inomgqigqo ongcono kunayo njengoba ingayazi induku emdlalweni eyisithupha. I-Athletico inqobe kabili, yadliwa kabili emdlaweni emihlanu edlule. Iqembu likaXavi liqukethe abadlali abasha okubalwa kubo u-Aubamayang, Adama Traore noFerran Torres njengoba lizama ukubuyisa isithunzi. Noma kunjalo, ngilindele ukuthi i-Athletico ibajikele njengotshwala esiswini iwunqobe lo mdlalo. 

Register Now with Hollywoodbets Mobile

More in Soccer